Discover UKZN
iEdgewood Khempasi
IKhempasi yase-Edgewood, neyayaziwa ngokuthi yi-Edgewood College of Education ngaphambi kokuba ibe yingxenye ye-UKZN ngonyaka we-2001 iyikhempasi ezinze ePinetown egxile kakhulu ekuqeqesheni othisha kanti futhi iyikhaya leSikole Sezemfundo.
iHoward College
ITheku liyidolobhakazi elingundabuzekwayo eligudle ugu elaziwa kakhulu ngamabhishi, izindawo zokudla ezigudle ugu kanjalo nenkundla iMoses Mabhida. Leli dolobhakazi liphinde libe yichweba elikhulu laseNingizimu-Afrika.
Isikole Sezokwelapha
Isikole Sezokwelapha selokhu sakhiqiza odokotela abasezingeni eliphezulu eminyakeni engama-54 edlule. Lesi sikole, esasungulwa ngonyaka we-1950 nesasaziwa emlandweni njengo mkhakha wabamnyama esikhungweni sabamhlophe
UMgungundlovu
UMgungundlovu uthe chwa maphakathi nesiFundazwe saKwaZulu-Natali, futhi usondelene nezindawo eziningi ezigcine imvelo namapaki, kanti kuyihora nje kuphela ukufinyelela kule khempasi uma usuka eThekwini, kanti uma usuka eZintabeni ZoKhahlamba kungamahora amabili.
iWestville
IKhempasi yaseWestville, nezinze phakathi kwezindawo ezigcina imvelo eqhele ngamakhilomitha ayisi-8 enkabeni yeTheku nePinetown ixuba igqalasizinda yobuciko kanye nezindawo ezinhle eziyizungezile.