Back

Siyakwamukela eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN)

Siyakwamukela eNyuvesi yaKwaZulu-Natali (UKZN) – isikhungo esizihola phambili kwezemfundo ephakeme ezwenikazi lase-Afrika.

INyuvesi yaKwaZulu-Natali inyuvesi ezinze esiFundazweni esihle saKwaZulu-Natali ehlukene ngokwamakhempasi angaphansi kwayo, inendawo yokuhlala abafundi, ukufundisa kanye nocwaningo. iNyuvesi iyazigqaja kakhulu ngosiko olunothile lokuba ngungqa phambili kwezemfundo. Unyaka wezi-2010 ube nomlando wokugujwa kweminyaka eyikhulu yokuzalwa komkhakha wezemfundo ePhakeme esiFundazweni saKwaZulu-Natali – ukugujwa kokudla umhlanganiso kwezemfundo ephakeme, ukusungulwa kwezinto ezingakaze zibe khona kwezobuchwepheshe kanye nokuzibandakanya nemisebenzi yomphakathi. Lo mnotho ongaka wolwazi yiwona oyimfihlo yempumelelo yeNyuvesi njengalokhu ingenye yezikhungo ezidla ubhedu ezwenikazi lase-Afrika.

E-UKZN, sinentshisekelo yokufunda nokufundisa. Isiqubulo sethu esithi Wonke umfundi ubalulekile singumhlahlandlela owedlula ukwehlukahlukana kwethu ngokwenhlalo, amasiko kanye nokufundiswayo emikhakheni eyehlukene. INyuvesi ikhuthaza futhi yemukele ukwehlukahlukana kuyo yonke imikhakha yezimo abafundi abahlangabezana nazo. I-UKZN, ingenye yamaNyuvesi amathathu alapha eNingizimu Afrika nase-Afrika asohlwini lwamaNyuvesi angama-500 athathwa njengaseqophelweni eliphezulu ngokwe- Academic Rankings of World Universities (ARWU). INyuvesi ihlelwe ngendlela yamaKolishi – kanti iKolishi ngalinye linezikole zezifundo ngaphansi kwalokho okuhlinzekwa uMnyango ezinhlelweni zalabo abaneziqu kanye nalabo abangenaziqu kuwona womahlanu amakhempasi – eWestville, e-Edgewood, eHoward College, eMedical School kanye naseMgungundlovu. Uhlelo lokufunda olunzulu kanye nokufunda nokufundisa oluseqophelweni eliphezulu, kanye neziqu ezigunyaziwe zizuzise iNyuvesi igama elihle njengesikhungo esiphuma phambili ezwenikazi. Imisebenzi yocwaningo isemikhakheni yezendalo, ezoluntu kanye nesayensi yezenhlalakahle.

INyuvesi yaziwa kakhulu ngokudla umhlanganiso kwezemfundo. Ucwaningo lwakamuva nje lweminyaka eyishumi edlule oluhlaziywe uThomas Reuters esebenzisa lokhu okuyithuluzi lokucubungula kuhlaziye ucwaningo esithi phecelezi “InCites” lulinganise i-UKZN njengephuma phambili eNingizimu-Afrika emkhakheni wezibalo.Ngokombiko woMnyango wezeMfundo ephakeme kanye nokuqeqeshwa (DoHET) ngonyaka we-2010 emqulwini obizwa nge-Institutional Research Publications Outputs, i-UKZN isikhiqize imiqingo engama-68.12 yezincwadi, nokwaba isibalo esiphezulu kumaNyuvesi angama-23 aseNingizimu Afrika. Ngaphezu kwalokho i-UKZN yakleliswa yangeyesithathu ohlwini lwamaNyuvesi njengoba isibambe iqhaza ekushicileleni ucwaningo olungamaphesenti ayi-11.8

I-UKZN iyazigqaja ngoSihlalo bocwaningo eNingizimu Afrika beSayensi kanye nobuChwepheshe abahloniphekile abayi-11 kusukela kulokhu esithi phecelezi Quantum Information Processing kuya ku Gravitating System lokho okusenza sibe ngabesine ezweni. INyuvesi iyazigqaja ngokukhiqiza abacwaningi abayisithupha abasezingeni eliphezulu be-NRF, nalapho ingeyesihlanu ezweni.

Ososayensi beNyuvesi babambe iqhaza elikhulu emhlabeni jikelele ekulweni negciwane lesandulela Ngculazi kanye neNgculazi kanye nesifo sofuba. Isikhungo socwaningo lweNgculazi eNingizimu Afrika esibizwa nge– Centre for AIDS Research in South Africa (CAPRISA) singesinye sezikhungo ezinkulukazi ezibhekene nocwaningo lwegciwane lesandulela Ngculazi kanye neNgculazi, esizinze ekhempasini yeNyuvesi eyi-Medical School. Ezinye izikhungo zocwaningo ezinkulu kusandulela Ngculazi kanye neNgculazi zifaka phakathi i-Africa Centre for Health and Population Studies kanye nesikhungo sezigidigidi zamarandi i-KwaZulu-Natal Research Insitute for HIV and Tuberculosis (K- RITH).

Ubudlelwano phakathi kweNyuvesi kanye namanye amazwe angama-44 bunika iNyuvesi ithuba lokuxhumana ngqo nohlelo lwezokucobelelana nokushintshisana ezifundweni nokukhulisa imifundaze kanye nolwazi kubafundi. Yiba yingxenye yase-UKZN, uthokozele amathuba anhlobonhlobo akulindele.